IKwaZulu-Natali (IsiNgisi: KwaZulu-Natal; Template:Lang-Zulu; isiBhunu: KwaZoeloe-Natal) yisifundazwe saseNingizimu Afrika. Lesi sifundazwe siyamene ngokwemingcele nezifundazwe ezintathu zaseNingizimu Afrika okuyiMpumalanga, iFree State kanye neMpumalanga Kapa [1] siphinde sihlangane nemingcele namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwatini kanye neLesotho.[2]
ibheji lesifundazwe | |
Indawo yesifundazwe eNingizimu Afrika | |
Izwe | |
Isiqubulo | "Masisukume Sakhe" "Let Us Rise and Build" |
Idolobha elikhulu | iTheku |
Ubukhulu bendawo | 94.361 km² |
Inani labantu (ngo-2011) | 10,267,300[3] |
Inani labantu (ngo-
2022) |
12 423 907 |
Izilimi[3] | |
Izinhlanga[3] |
|
Isiqongo | Pietermaritzburg (c.1994) |
UNdunankulu |
Nomusa Dube-Ncube (ANC) |
Iwebhusayithi | www.kwazulunatal.gov.za Archived 2007-12-22 at the Wayback Machine. |
Lesi sifundazwe siqanjwe ngonyaka we-1994, ngenkathi kuhlanganiswa isifundazwe esasibuswa ngaBhunu iNatali kanye nesizwe samaZulu iKwaZulu. Inhloko-dolobha yeKwaZulu-Natali uMGungundlovu, kodwa idolobha elikhulu kunawo wonke kulesifundazwe iTheku.[4]
Iningi labantu abahlala kulesi sifundazwe ngamaZulu, futhi lesifundazwe saziwa eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele njenge khaya lamaZulu. IKwaZulu-Natali isogwini olusempumalanga nezwe lase Ningizimu Afrika.[5]
Lesi sifundazwe siyindabuko futhi nekhaya labantu abanjengo; Albert Luthuli, umuntu wokuqala onsundu ophuma ezwenikazi le-Afrika owanikezwa i-Nobel Peace Prize ngonyaka ka-1960; Pixley ka Isaka Seme, umuntu wokuqala onsundu eNingizimu Afrika owaba ngu-mmeli, waphinda wasungula iqembu lezepolitiki okuyilona elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika i-African National Congress (ANC); John Langalibalele Dube, umongameli wokuqala weqembu le ANC; Harry Gwala ilunga le ANC kanye neqhawe lomzabalazo elalwela futhi lakhankasela amalungelo abantu abansundu baseNingizimu Afrika; Mangosuthu Buthelezi, umuntu owasungula iqembu lezepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP); Jacob Zuma, owayenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika kanye no Shaka Zulu, iSilo esahlanganisa isizwe samaZulu.