UNhlanhla Musa Nene ([ntɬantɬa], owazalwa ngomhlaka 5 kuZibandlela 1958) wasebenza njengoNgqongqoshe Wezezimali waseNingizimu Afrika ngaphansi kukaMongameli uJacob Zuma kusukela ngomhlaka 25 Meyi 2014 kwaze kwaba uyasuswa ngempikiswano ngomhlaka 9 Disemba 2015,nangaphansi Mengameli Cyril Ramaphosa kusukela mhla tinge-27 Indlovana 2018 waze wasula mhla tisi-9 Imphala 2018. Ubuye futhi wasebenza njengePhini likaNgqongqoshe Wezezimali kuKhabinethi yaseNingizimu Afrika [1] kusuka ngoNovemba 2008 kuya kuMeyi 2014, njengosihlalo weKomidi Lezimali ePhalamende laseNingizimu Afrika,nanjengeLungu lePhalamende I-African National Congress (ANC) iqala ngo-1999. Umuzi wakhe useKranskop, KwaZulu-Natal .